Verse 1: Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”
Verse 2: “Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe; udeleleke kakhulu.
Verse 3: Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na?
Verse 4: Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
Verse 5: “Uma amasela efika kuwe, nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho bebengayikweba baze baneliswe na? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na?
Verse 6: Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu, yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!
Verse 7: Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa, bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.
Verse 8: “Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomi ngalolo suku,” usho uJehova, “nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?
Verse 9: Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.
Verse 10: Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.
Verse 11: Ngosuku owema kude ngalo, ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe, benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.
Verse 12: Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe, ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo, ungaqhalazi ngosuku losizi.
Verse 13: Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo, ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo, ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.
Verse 14: Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe, ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.
Verse 15: “Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
Verse 16: Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona.
Verse 17: Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.
Verse 18: Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile.
Verse 19: Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya, uBenjamini adle iGileyadi.
Verse 20: Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.
Verse 21: Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.