Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:
Verse 2: “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
Verse 3: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.
Verse 4: Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.
Verse 5: Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.
Verse 6: KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
Verse 7: KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
Verse 8: Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.
Verse 9: KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.
Verse 10: Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Verse 11: KwaBenjamini: u-Abidani indodana kaGideyoni.
Verse 12: KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Verse 13: Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.
Verse 14: KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
Verse 15: KwaNafetali: u-Ahira indodana ka-Enani.”
Verse 16: Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.
Verse 17: OMose no-Aroni base bethatha lawo madoda aseshiwo ngamagama.
Verse 18: Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezinhloko zabo.
Verse 19: Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.
Verse 20: Abantwana bakwaRubeni, izibulo lika-Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 21: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaRubeni, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
Verse 22: Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 23: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
Verse 24: Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 25: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaGadi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
Verse 26: Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 27: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
Verse 28: Kubantwana bakwa-Isakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 29: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakare, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
Verse 30: Kubantwana bakwaZebuloni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 31: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
Verse 32: Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:
Verse 33: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
Verse 34: Kubantwana bakwaManase, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 35: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaManase, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
Verse 36: Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 37: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaBenjamini, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
Verse 38: Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 39: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaDani, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
Verse 40: Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 41: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
Verse 42: Kubantwana bakwaNafetali, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabenminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Verse 43: labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaNafetali, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
Verse 44: Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu-Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.
Verse 45: Bonke ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,
Verse 46: bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
Verse 47: Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.
Verse 48: Ngokuba uJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 49: “Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,
Verse 50: kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.
Verse 51: Ekusukeni kwetabernakele amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Verse 52: Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamabandla abo.
Verse 53: Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
Verse 54: Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.