Verse 1: Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.
Verse 2: Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?
Verse 3: Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane.
Verse 4: Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.
Verse 5: Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
Verse 6: Ngokuba kwenyukele ezweni lami isizwe esinamandla nesingenakubalwa; amazinyo aso angamazinyo engonyama, namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.
Verse 7: Sichithile umvini wami, saxebula umkhiwane wami; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe.
Verse 8: Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka ngomyeni wobusha bayo.
Verse 9: Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.
Verse 10: Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.
Verse 11: Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali, ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
Verse 12: Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi-apula, nemithi yonke yasendle kubunile, ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
Verse 13: Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
Verse 14: Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.
Verse 15: Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.
Verse 16: Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?
Verse 17: Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo; izingobo zichithakele, izinqolobane zidiliziwe, ngokuba amabele omile.
Verse 18: Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.
Verse 19: Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.
Verse 20: Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.