Verse 1: UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane
Verse 2: kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
Verse 3: Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela,
Verse 4: lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,
Verse 5: ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli
Verse 6: elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,
Verse 7: njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;
Verse 8: okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
Verse 9: Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,
Verse 10: nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,
Verse 11: niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;
Verse 12: nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,
Verse 13: owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;
Verse 14: okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,
Verse 15: yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,
Verse 16: ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;
Verse 17: yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;
Verse 18: yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,
Verse 19: ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo
Verse 20: nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.
Verse 21: Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,
Verse 22: nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
Verse 23: uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.
Verse 24: Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;
Verse 25: engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,
Verse 26: ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;
Verse 27: okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;
Verse 28: okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,
Verse 29: engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.