Verse 1: Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.
Verse 2: “Ngiyakuqothula nokuqothula konke, kusuke ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
Verse 3: “Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
Verse 4: “Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema, nginqume insali kaBali kule ndawo, negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,
Verse 5: nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,
Verse 6: nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.
Verse 7: Thula phambi kobuso beNkosi uJehova, ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo, ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.
Verse 8: Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova, ngihambele izikhulu, namadodana enkosi, nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.
Verse 9: Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu, begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.
Verse 10: “Ngalolo suku,” usho uJehova, “kuyakuba khona izwi lokukhala, livela eSangweni Lezinhlanzi, nokuhhewula, kuvela eNxenyeni Yesibili, nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni.
Verse 11: Hhewulani nina enakhe esiGqulweni, ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile, bonke abathweswe isiliva banqunyiwe.
Verse 12: Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani, ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo, abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.
Verse 13: Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.
Verse 14: “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona.
Verse 15: Lolo suku lungusuku lolaka, usuku lokuhlupheka nolosizi, usuku lwencithakalo nolokuyize, usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
Verse 16: usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosi ngasemizini ebiyelweyo nasemibhoshongweni yasezingosini.
Verse 17: Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.
Verse 18: Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”