Verse 1: O-Adamu, noSeti, no-Enoshe,
Verse 2: noKhenani, noMahalalele, noJarede,
Verse 3: no-Enoke, noMetushela, noLameka,
Verse 4: noNowa, noShemi, noHamu, noJafete.
Verse 5: Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase.
Verse 6: Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma.
Verse 7: Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.
Verse 8: Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.
Verse 9: Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.
Verse 10: UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
Verse 11: UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
Verse 12: namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.
Verse 13: UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
Verse 14: namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,
Verse 15: namaHivi, nama-Arki, namaSini,
Verse 16: nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.
Verse 17: Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke.
Verse 18: U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.
Verse 19: U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege, ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.
Verse 20: UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera,
Verse 21: noHadoramu, no-Uzali, noDikila,
Verse 22: no-Ebali, no-Abimayele, noSheba,
Verse 23: no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane;
Verse 24: oShemi, no-Arpakishade, noShela,
Verse 25: no-Ebere, noPhelege, noRehu,
Verse 26: noSerugi, noNahori, noThera,
Verse 27: no-Abrama ongu-Abrahama.
Verse 28: Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.
Verse 29: Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,
Verse 30: noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema,
Verse 31: noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.
Verse 32: Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.
Verse 33: Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.
Verse 34: U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.
Verse 35: Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora.
Verse 36: Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki.
Verse 37: Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.
Verse 38: Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.
Verse 39: Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
Verse 40: Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.
Verse 41: Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.
Verse 42: Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
Verse 43: Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
Verse 44: Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 45: Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 46: Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
Verse 47: Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 48: Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 49: Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 50: Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
Verse 51: Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,
Verse 52: nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
Verse 53: nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
Verse 54: nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.