Verse 1: UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.
Verse 2: Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi.
Verse 3: AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.
Verse 4: Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli;
Verse 5: izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.
Verse 6: UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.
Verse 7: KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi.
Verse 8: Amadodana kaLadani: nguJehiyeli inhloko, noZethamu, noJoweli, bebathathu.
Verse 9: Amadodana kaShimeyi: ngoShelomoti, noHaziyeli, noHarana, bebathathu. Labo babe yizinhloko zawoyise bakaLadani.
Verse 10: Amadodana kaShimeyi: ngoJahati, noZina, noJewushe, noBeriya. Labo bobane babe ngamadodana kaShimeyi.
Verse 11: UJahati wayeyinhloko, noZiza ngowesibili; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise, bebalwa kanyekanye.
Verse 12: Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.
Verse 13: Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.
Verse 14: Kepha uMose, lowo muntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi.
Verse 15: Amadodana kaMose: ngoGereshomu no-Eliyezeri.
Verse 16: Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko.
Verse 17: Amadodana ka-Eliyezeri: nguRehabiya inhloko. U-Eliyezeri wayengenawo amanye amadodana; kepha amadodana kaRehabiya ayemaningi kakhulu.
Verse 18: Amadodana kaJisihari: nguShelomiti inhloko.
Verse 19: Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
Verse 20: Amadodana ka-Uziyeli: nguMika inhloko noJishiya owesibili.
Verse 21: Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngo-Eleyazare noKishi.
Verse 22: U-Eleyazare wafa engenamadodana, enamadodakazi odwa; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha.
Verse 23: Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJeremoti, bebathathu.
Verse 24: Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
Verse 25: Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;
Verse 26: namaLevi awasayikuthwala itabernakele nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.”
Verse 27: Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
Verse 28: Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,
Verse 29: eyezinkwa zokubukwa, neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu, neyemiqathane engenamvubelo, neyokuphekwe ekhanzini, neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;
Verse 30: nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa;
Verse 31: nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;
Verse 32: bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.