Verse 1: Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.
Verse 2: Ngolwesihlanu lwenyanga ngomnyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakini
Verse 3: izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.
Verse 4: Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.
Verse 5: Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine, nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu,
Verse 6: kepha yileso naleso sasinobuso obune, futhi sasinamaphiko amane;
Verse 7: imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.
Verse 8: Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine. Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje:
Verse 9: amaphiko azo ayehlangene, elinye nelinye; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.
Verse 10: Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi.
Verse 11: Babunjalo ubuso bazo. Amaphiko azo ayahlukene phezulu; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.
Verse 12: Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo, zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.
Verse 13: Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.
Verse 14: Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.
Verse 15: Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.
Verse 16: Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe, nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.
Verse 17: Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
Verse 18: Amafelange awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke.
Verse 19: Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo, nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.
Verse 20: Lapho umoya wayethanda ukuya khona, aya khona, yebo, lapho umoya wayethanda khona; namasondo aphakanyiswa kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.
Verse 21: Ekuhambeni kwazo nawo ahamba; ekumeni kwazo nawo ema; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.
Verse 22: Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.
Verse 23: Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.
Verse 24: Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Verse 25: Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Verse 26: Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire. Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.
Verse 27: Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.
Verse 28: Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.