Ruth - Chapter 1

Verse 1: Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.

Verse 2: Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.

Verse 3: U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa; kepha yena wasala namadodana akhe amabili.

Verse 4: Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi.

Verse 5: OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe.

Verse 6: Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla.

Verse 7: Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda.

Verse 8: UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.

Verse 9: UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala.

Verse 10: Bathi kuye: “Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!”

Verse 11: Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?

Verse 12: Buyani, madodakazi ami, nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba, noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,

Verse 13: beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”

Verse 14: Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye.

Verse 15: Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”

Verse 16: Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.

Verse 17: Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”

Verse 18: Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye.

Verse 19: Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Kwathi sebefikile eBetlehema, wonke umuzi wanyakaziswa, bathi: “Lo unguNawomi na?”

Verse 20: Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi; ngibizeni ngokuthi uMara, ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.

Verse 21: Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?”

Verse 22: Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMowabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

Select Chapter
1 2 3 4
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories