Philippians - Chapter 1

Verse 1: noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:

Verse 2: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Verse 3: Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke

Verse 4: ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza,

Verse 5: ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;

Verse 6: ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,

Verse 7: njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.

Verse 8: Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.

Verse 9: Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke,

Verse 10: ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,

Verse 11: nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.

Verse 12: Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli,

Verse 13: kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu

Verse 14: nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.

Verse 15: Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle;

Verse 16: laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli,

Verse 17: kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.

Verse 18: Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza,

Verse 19: ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,

Verse 20: njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

Verse 21: Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

Verse 22: Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha.

Verse 23: Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;

Verse 24: kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.

Verse 25: Lokhu nginalo leli themba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni,

Verse 26: ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini.

Verse 27: Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,

Verse 28: ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu.

Verse 29: Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,

Verse 30: nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.

Select Chapter
1 2 3 4
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories