Philippians - Chapter 3

Verse 1: bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

Verse 2: Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.

Verse 3: Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,

Verse 4: nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;

Verse 5: ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;

Verse 6: ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.

Verse 7: Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

Verse 8: Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,

Verse 9: ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,

Verse 10: ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,

Verse 11: uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,

Verse 12: kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu.

Verse 13: Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,

Verse 14: ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Verse 15: Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,

Verse 16: kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo.

Verse 17: Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.

Verse 18: Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,

Verse 19: abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.

Verse 20: Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,

Verse 21: oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

Select Chapter
1 2 3 4
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories