2 Chronicles - Chapter 1

Verse 1: USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.

Verse 2: USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.

Verse 3: Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye, waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane.

Verse 4: Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavide wayewukhuphulile eKiriyati Jeharimi, wawuyisa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngokuba wayewumisele itende eJerusalema.

Verse 5: Futhi i-altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka-Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele likaJehova; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.

Verse 6: USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e-altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.

Verse 7: Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”

Verse 8: Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.

Verse 9: Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.

Verse 10: Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume, ngingene phambi kwalabo bantu, ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?”

Verse 11: Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni: “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho, ungacelanga ingcebo, nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo, futhi ungacelanga imihla eminingi, kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,

Verse 12: uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho, nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”

Verse 13: USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.

Verse 14: USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

Verse 15: Inkosi yenza isiliva negolide kuvame eJerusalema njengamatshe, nemisedari yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.

Verse 16: Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.

Verse 17: Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva, nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories