Verse 1: UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.
Verse 2: Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.
Verse 3: Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.
Verse 4: Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.
Verse 5: Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.
Verse 6: UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
Verse 7: Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke ukulwa kwakhe, nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.
Verse 8: Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.
Verse 9: UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.