Verse 1: Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.
Verse 2: Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.
Verse 3: Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
Verse 4: Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.
Verse 5: Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.
Verse 6: Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga.
Verse 7: Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na?
Verse 8: Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.
Verse 9: Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.
Verse 10: Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.
Verse 11: Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva.
Verse 12: Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo inadi lami lathaphuka iphunga lalo.
Verse 13: Othandiweyo wami ungumshuqulu wemure kimi, olele phakathi kwamabele ami.
Verse 14: Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena ezivinini zase-Eni Gedi.
Verse 15: Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba.
Verse 16: Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.
Verse 17: Imishayo yendlu yethu iyimisedari, nemiqhadi iyimisayipuresi.