Verse 1: Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.
Verse 2: Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati wami.
Verse 3: Isandla sakhe sokhohlo besiyakubaphansi kwekhanda lami, nesokunene sakhe besiyakungigona.
Verse 4: Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
Verse 5: Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.
Verse 6: Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.
Verse 7: Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
Verse 8: Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?
Verse 9: Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.
Verse 10: Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula.
Verse 11: USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; wasinika isivini kubaphathi; baletha, kwaba yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.
Verse 12: Isivini esingesami siphambi kwami; inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.
Verse 13: Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona.
Verse 14: Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.