Verse 1: Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
Verse 2: Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.
Verse 3: UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
Verse 4: Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.
Verse 5: Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
Verse 6: Bonke ubukhosi bumukile endodakazini yaseSiyoni; izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo, zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
Verse 7: IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo, abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.
Verse 8: IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso; bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba bebone ubunqunu balo; seliyabubula nalo, libuyela emuva.
Verse 9: Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.
Verse 10: Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.
Verse 11: Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.
Verse 12: “Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.
Verse 13: “Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
Verse 14: “Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe, zaba yijoka; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami. INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.
Verse 15: “INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.
Verse 16: “Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”
Verse 17: ISiyoni liyelula izandla zalo, akakho oliduduzayo. UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe. IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.
Verse 18: “UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
Verse 19: “Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.
Verse 20: “Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.
Verse 21: “Bezwile ukuthi ngiyabubula, kepha anginamduduzi. Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo. Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.
Verse 22: “Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho, wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.”