Verse 1: Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi:
Verse 2: “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.”
Verse 3: Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.
Verse 4: Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa.
Verse 5: Khona amatilosi esaba, akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo, aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo.
Verse 6: Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”
Verse 7: Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.
Verse 8: Base bethi kuye: “Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini? Uvelaphi? Liphi izwe lakini, ungowasiphi isizwe na?”
Verse 9: Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”
Verse 10: Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu, bathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, lokhu ebatshelile.
Verse 11: Base bethi kuye: “Siyakwenze njani kuwe, ukuze ulwandle luthule kithina,” ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu.
Verse 12: Wathi kubo: “Ngiphakamiseni, ningiphonse elwandle, bese luthula kini ulwandle, ngokuba ngiyazi ukuthi lesi siphepho esikhulu siphezu kwenu ngenxa yami.”
Verse 13: Kepha amadoda agwedla ukuba abuyele emhlabathini, kepha ahluleka, ngokuba ulwandle lwaqhubeka lwaba nesiphepho kuwo.
Verse 14: Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.”
Verse 15: Amphakamisa uJona, amphonsa elwandle; ulwandle lwase lupheza ukufutha.
Verse 16: Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso.
Verse 17: UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.