1 Timothy - Chapter 1

Verse 1: UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,

Verse 2: kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.

Verse 3: Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,

Verse 4: futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

Verse 5: kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,

Verse 6: abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,

Verse 7: befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.

Verse 8: Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho,

Verse 9: ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,

Verse 10: nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,

Verse 11: ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.

Verse 12: Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,

Verse 13: noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.

Verse 14: Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.

Verse 15: Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;

Verse 16: kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

Verse 17: Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Verse 18: Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,

Verse 19: unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,

Verse 20: abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories