1 Timothy - Chapter 4

Verse 1: uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,

Verse 2: ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,

Verse 3: benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

Verse 4: Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,

Verse 5: ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.

Verse 6: Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo;

Verse 7: kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu.

Verse 8: Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

Verse 9: Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa,

Verse 10: ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.

Verse 11: Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo.

Verse 12: Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

Verse 13: Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.

Verse 14: Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.

Verse 15: Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.

Verse 16: Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories