Verse 1: abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.
Verse 2: Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.
Verse 3: Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu,
Verse 4: ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,
Verse 5: nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.
Verse 6: Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,
Verse 7: ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi;
Verse 8: kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.
Verse 9: Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.
Verse 10: Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Verse 11: Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.
Verse 12: Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Verse 13: Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,
Verse 14: ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu
Verse 15: ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi,
Verse 16: yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
Verse 17: Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,
Verse 18: benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,
Verse 19: bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.
Verse 20: Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,
Verse 21: okuthi abanye bekuvuma, baduka ekukholweni. Umusa mawube nani.