Verse 1: kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,
Verse 2: amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.
Verse 3: Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu
Verse 4: othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.
Verse 5: Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,
Verse 6: owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,
Verse 7: engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli — ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga — yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
Verse 8: Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
Verse 9: Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi,
Verse 10: kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
Verse 11: Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke.
Verse 12: Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.
Verse 13: Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.
Verse 14: Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka;
Verse 15: kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.