Philemon - Chapter 1

Verse 1: UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,

Verse 2: naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho:

Verse 3: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Verse 4: Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami,

Verse 5: uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,

Verse 6: ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu,

Verse 7: ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.

Verse 8: Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo,

Verse 9: nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,

Verse 10: ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;

Verse 11: okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,

Verse 12: engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,

Verse 13: ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;

Verse 14: kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.

Verse 15: Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade,

Verse 16: angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.

Verse 17: Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi.

Verse 18: Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;

Verse 19: mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo.

Verse 20: Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.

Verse 21: Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.

Verse 22: Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.

Verse 23: Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,

Verse 24: noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.

Verse 25: Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

Select Chapter
1
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories