Verse 1: Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,
Verse 2: zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda,
Verse 3: nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,
Verse 4: nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,
Verse 5: ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle
Verse 6: ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
Verse 7: Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
Verse 8: Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,
Verse 9: ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.
Verse 10: Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.
Verse 11: Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,
Verse 12: sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;
Verse 13: yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango;
Verse 14: yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,”
Verse 15: ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
Verse 16: ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.
Verse 17: Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
Verse 18: Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.
Verse 19: Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.
Verse 20: Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
Verse 21: emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
Verse 22: “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?
Verse 23: Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.
Verse 24: Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;
Verse 25: kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami;
Verse 26: nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,
Verse 27: lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.
Verse 28: “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana
Verse 29: ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova,
Verse 30: bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami.
Verse 31: Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.
Verse 32: Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
Verse 33: Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”