Proverbs - Chapter 6

Verse 1: Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho, uma uxhawulene nomfokazi,

Verse 2: ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,

Verse 3: yenza lokhu phela, ndodana yami, uzophule, lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho: khothama phambi kwakhe, umncengisise.

Verse 4: Unganiki amehlo akho ubuthongo, nezinkophe zakho ukozela.

Verse 5: Zophule njengensephe kumzingeli nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.

Verse 6: Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,

Verse 7: yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi,

Verse 8: ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.

Verse 9: Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?

Verse 10: Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,

Verse 11: bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.

Verse 12: Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,

Verse 13: oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe.

Verse 14: Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe; uceba okubi ngesikhathi sonke; ususa ukuxabana.

Verse 15: Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.

Verse 16: Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:

Verse 17: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala,

Verse 18: nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,

Verse 19: nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.

Verse 20: Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.

Verse 21: Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.

Verse 22: Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.

Verse 23: Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,

Verse 24: ukuze ugcinwe kowesifazane omubi, nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.

Verse 25: Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.

Verse 26: Ngokuba intengo yowesifazane oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.

Verse 27: Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?

Verse 28: Umuntu angahamba phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingahanguki, na?

Verse 29: Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.

Verse 30: Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?

Verse 31: Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe.

Verse 32: Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.

Verse 33: Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.

Verse 34: Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka; ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela.

Verse 35: Ayiyikunaka neze ihlawulo; ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories