Verse 1: Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.
Verse 2: Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into, kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.
Verse 3: Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula, injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa.
Verse 4: Susa amanyela esiliveni, bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.
Verse 5: Susa omubi phambi kwenkosi, bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.
Verse 6: Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, ungemi endaweni yabakhulu.
Verse 7: Ngokuba kungcono ukuba kuthiwe kuwe: “Yenyuka lapha,” kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.
Verse 8: Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisana ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.
Verse 9: Mela indaba yakho nomakhelwane wakho, ungambuli imfihlakalo yomunye,
Verse 10: funa okuzwayo akuhlazise, nodumo lwakho lungabuyi.
Verse 11: Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.
Verse 12: Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo, unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.
Verse 13: Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.
Verse 14: Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa, unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.
Verse 15: Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa, nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.
Verse 16: Uma uthole izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze.
Verse 17: Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.
Verse 18: Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakhe uyisando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.
Verse 19: Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka kunjengezinyo elaphukileyo nonyawo olwenyeleyo.
Verse 20: Oyihlabelelela inhliziyo edabukileyo izihlabelelo unjengokhumula ibhantshi ngosuku lwamakhaza, nanjengoviniga esilondeni.
Verse 21: Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi, aphuze.
Verse 22: Ngokuba uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe, besekuthi uJehova akuvuze.
Verse 23: Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.
Verse 24: Kungcono ukuhlala egumbini lophahla kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
Verse 25: Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo, unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.
Verse 26: Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.
Verse 27: Ukudla izinyosi eziningi akukuhle, nokuzifunela udumo kakusilo udumo.
Verse 28: Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.