Proverbs - Chapter 8

Verse 1: Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?

Verse 2: Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo.

Verse 3: Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi:

Verse 4: “Ngiyanibiza nina madoda; izwi lami likumadodana abantu.

Verse 5: Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo.

Verse 6: Zwanini, ngokuba ngiyakulanda okukhulu; ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.

Verse 7: Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.

Verse 8: Onke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.

Verse 9: Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi.

Verse 10: Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo.

Verse 11: Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi, nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.

Verse 12: Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni, ngithola ukwazi namasu.

Verse 13: Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

Verse 14: Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.

Verse 15: Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga.

Verse 16: Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.

Verse 17: Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.

Verse 18: Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.

Verse 19: Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicwengekileyo, nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.

Verse 20: Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela,

Verse 21: ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo, ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.

Verse 22: “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.

Verse 23: Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho.

Verse 24: Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi.

Verse 25: Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa,

Verse 26: engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lwezwe.

Verse 27: Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.

Verse 28: Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,

Verse 29: lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,

Verse 30: khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,

Verse 31: ngijabula ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yami ikanye namadodana abantu.

Verse 32: “Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.

Verse 33: Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.

Verse 34: Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.

Verse 35: Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.

Verse 36: Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories