Verse 1: Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.
Verse 2: Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.
Verse 3: Yibophe eminweni yakho, uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.
Verse 4: Yisho kukho ukuhlakanipha: “Ungudadewethu,” ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,
Verse 5: ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo, kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.
Verse 6: Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,
Verse 7: ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,
Verse 8: edlula esitaladini eduze negumbi lakhe. iya endleleni yendlu yakhe,
Verse 9: sekuhwelela kusihlwa, esigayegayeni sobusuku nobumnyama.
Verse 10: Bheka, isihlangabezwa ngowesifazane; izingubo zakhe zingezesifebe, enobuqili enhliziyweni.
Verse 11: Uyanyakaza engenakuthula; izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;
Verse 12: manje usemigwaqweni, nangu usezigcawini, uqamekela emagumbini onke.
Verse 13: Useyayibamba, uyayanga; uthwala amehlo, uthi kuyo:
Verse 14: “Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele; namuhla sengigcwalisile izithembiso zami.
Verse 15: Ngalokho ngiphumile ukukuhlangabeza ukuba ngifunisise ubuso bakho; sengikutholile.
Verse 16: Ngendlele umbhede wami ngezindwangu zokumboza, nelineni elinemishwe laseGibithe.
Verse 17: Ngifafazile umbhede wami ngemure, nangomhlaba, nangokinamona.
Verse 18: Woza sizanelise ngothando kuze kuse, sijabule ngokuthandana.
Verse 19: Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya; ihambile uhambo olude;
Verse 20: yaphatha isikhwama semali ngesandla sayo; iyakubuyela ekhaya ngosuku lokuhlangana kwenyanga.”
Verse 21: Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle; ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.
Verse 22: Uyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni nanjengamaketanga ehlela isiboshwa esiyisiwula,
Verse 23: umcibisholo uze uhlabe isibindi sakhe njengenyoni isheshela ogibeni, ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.
Verse 24: Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami.
Verse 25: Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe, ungahambi emikhondweni yakhe.
Verse 26: Ngokuba uwisile phansi abaningi abalimeleyo; ababuleweyo bakhe bayisixuku esikhulu.
Verse 27: Indlu yakhe iyindlela eya endawemi yabafileyo, yehlela emakamelweni okufa.