Proverbs - Chapter 16

Verse 1: Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.

Verse 2: Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.

Verse 3: Gingqela kuJehova imisebenzi yakho, ukuze kuqiniswe amasu akho.

Verse 4: UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho; yebo, nomubi umenzele usuku olubi.

Verse 5: Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova; impela abayikuyekwa.

Verse 6: Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.

Verse 7: Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.

Verse 8: Okuncane kanye nokulunga kungcono kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

Verse 9: Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

Verse 10: Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi; umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.

Verse 11: Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova; zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.

Verse 12: Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini, ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.

Verse 13: Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi; amazwi abaqotho ayawathanda.

Verse 14: Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.

Verse 15: Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila, nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.

Verse 16: Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

Verse 17: Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.

Verse 18: Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.

Verse 19: Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.

Verse 20: Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

Verse 21: Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

Verse 22: Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.

Verse 23: Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.

Verse 24: Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

Verse 25: Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.

Verse 26: Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.

Verse 27: Umuntu omubi uphanda okubi, nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.

Verse 28: Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana, nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

Verse 29: Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe, amhambise endleleni engenhle.

Verse 30: Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo, noluma izindebe zakhe ufeza okubi.

Verse 31: Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.

Verse 32: Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.

Verse 33: Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories