Verse 1: Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
Verse 2: Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.
Verse 3: Umuntu oswelayo ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
Verse 4: Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.
Verse 5: Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.
Verse 6: Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
Verse 7: Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo, kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
Verse 8: Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu.
Verse 9: Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
Verse 10: Odukisela abaqotho endleleni embi uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.
Verse 11: Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso, kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.
Verse 12: Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
Verse 13: Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
Verse 14: Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
Verse 15: Njengengoyama ebhongayo nebhere elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
Verse 16: Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo, ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
Verse 17: Umuntu osindwa yigazi lomunye uyakubalekela egodini; makangasizwa muntu.
Verse 18: Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
Verse 19: Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla, kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.
Verse 20: Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso, kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.
Verse 21: Ukukhetha ubuso akukuhle; ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.
Verse 22: Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo; akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.
Verse 23: Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.
Verse 24: Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngane wochithayo.
Verse 25: Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.
Verse 26: Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.
Verse 27: Opha ompofu akayikuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
Verse 28: Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha, kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.