Verse 1: Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.
Verse 2: Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.
Verse 3: Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
Verse 4: Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.
Verse 5: Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo, kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.
Verse 6: Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.
Verse 7: Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
Verse 8: Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
Verse 9: Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
Verse 10: Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.
Verse 11: Othanda inhlanzeko ngenhliziyo nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.
Verse 12: Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.
Verse 13: Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle; ngiyakubulawa phandle esigcawini.”
Verse 14: Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.
Verse 15: Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.
Verse 16: Ocindezela ompofu ukuba azandisele nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.
Verse 17: Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.
Verse 18: Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho, kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.
Verse 19: Ukuba ithemba lakho libe kuJehova, ngikwazisile khona namuhla, yebo, wena.
Verse 20: Angithi ngilobile kuwe nangaphambili ngeziluleko nangokwazi,
Verse 21: ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqiniso ukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?
Verse 22: Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,
Verse 23: ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.
Verse 24: Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,
Verse 25: funa ufunde izindlela zakhe, uthole ugibe lomphefumulo wakho.
Verse 26: Ungabi ngowabaxhawulanayo, nowabayizibambiso zezikwenetu;
Verse 27: uma kungekho ongakhokha ngakho, ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?
Verse 28: Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.
Verse 29: Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.