Proverbs - Chapter 17

Verse 1: Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana.

Verse 2: Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.

Verse 3: Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.

Verse 4: Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.

Verse 5: Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa.

Verse 6: Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.

Verse 7: Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

Verse 8: Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.

Verse 9: Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

Verse 10: Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

Verse 11: Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela; ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

Verse 12: Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.

Verse 13: Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.

Verse 14: Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.

Verse 15: Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.

Verse 16: Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?

Verse 17: Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

Verse 18: Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla, abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.

Verse 19: Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.

Verse 20: Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle; onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.

Verse 21: Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi.

Verse 22: Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

Verse 23: Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.

Verse 24: Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.

Verse 25: Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.

Verse 26: Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.

Verse 27: Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.

Verse 28: Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories