Verse 1: Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.
Verse 2: Zase zithi kuyo izinceku zayo: "Inkosi yami, inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi, iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale."
Verse 3: Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.
Verse 4: Intombi yayiyinhle kakhulu, yayiphatha inkosi, yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.
Verse 5: U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: "Mina ngiyakuba yinkosi." Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.
Verse 6: Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: "Wenzeleni lokhu na?" Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.
Verse 7: Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.
Verse 8: Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.
Verse 9: U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;
Verse 10: kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.
Verse 11: UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: "Awuzwanga yini ukuthi u-Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?
Verse 12: Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.
Verse 13: Hamba ungene enkosini uDavide, uthi kuyo: 'Wena nkosi yami, nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi: "USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi," na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?'
Verse 14: Bheka, usakhuluma lapho nenkosi, nami ngiyakungena emva kwakho, ngiqinise amazwi akho."
Verse 15: UBati Sheba wayesengena enkosini ekamelweni; inkosi yayisindala; u-Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.
Verse 16: UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: "Ubabeleni na?"
Verse 17: Wathi kuyo: "Nkosi yami, wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngokuthi: 'Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.'
Verse 18: Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi;
Verse 19: usehlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.
Verse 20: Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo,
Verse 21: funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala."
Verse 22: Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.
Verse 23: Bayitshela inkosi, bathi: "Bheka, nangu uNathani umprofethi." Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.
Verse 24: UNathani wathi: "Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: 'U-Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,' na?
Verse 25: Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: 'Mana njalo, nkosi Adoniya.'
Verse 26: Kodwa mina, mina nceku yakho, noSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.
Verse 27: Le nto yenziwe yini yinkosi yami, inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na?"
Verse 28: Yayisiphendula inkosi uDavide, yathi: "Ngibizele uBati Sheba." Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.
Verse 29: Inkosi yayisifunga ngokuthi: "Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke,
Verse 30: njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla."
Verse 31: Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: "Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide."
Verse 32: Inkosi uDavide yayisithi: "Ngibizele uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada." Bafika phambi kwenkosi.
Verse 33: Inkosi yathi kubo: "Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni,
Verse 34: uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: 'Mana njalo, nkosi Solomoni.'
Verse 35: Bese nenyuka emva kwakhe, afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda."
Verse 36: UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: "Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.
Verse 37: Njengalokho uJehova waba nenkosi yami, inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide."
Verse 38: Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.
Verse 39: USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni, wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo, bonke abantu bathi: "Mana njalo, nkosi Solomoni."
Verse 40: Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
Verse 41: U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: "Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?"
Verse 42: Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: "Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle."
Verse 43: UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: "Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
Verse 44: inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi wenkosi;
Verse 45: uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
Verse 46: Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.
Verse 47: Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: 'UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.'
Verse 48: Futhi yasho kanje inkosi, yathi: 'Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.' "
Verse 49: Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe.
Verse 50: U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo ze-altare.
Verse 51: Kwabikwa kuSolomoni ukuthi: "Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze-altare, ethi: 'Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.' "
Verse 52: Wathi uSolomoni: "Uma eyakuba yindoda enamandla, akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe, kepha uma okubi kufumaniseka kuye, uyakufa."
Verse 53: Yayisithumela inkosi uSolomoni, bamehlisa e-altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: "Hamba, uye endlini yakho."