Verse 1: Kepha uSolomoni wakha indlu yakhe iminyaka eyishumi nantathu, wayiqeda indlu yakhe yonke.
Verse 2: Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari, imishayo yemisedari iphezu kwezinsika.
Verse 3: Yafulelwa ngemisedari phezu kwemishayo engamashumi amane nanhlanu eyayiphezu kwezinsika eziyishumi nanhlanu, uhla lulunye.
Verse 4: Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
Verse 5: Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
Verse 6: Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.
Verse 7: Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari kusukela phansi kuze kufike phezulu.
Verse 8: Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.
Verse 9: Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.
Verse 10: Nesisekelo sasingamatshe anenani elikhulu, amatshe amakhulu, amatshe ayizingalo eziyishumi, namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili.
Verse 11: Naphezulu kwakungamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziweyo ngezilinganiso, nemisedari.
Verse 12: Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu.
Verse 13: Inkosi uSolomoni yathumela yamlanda uHiramu eTire.
Verse 14: Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.
Verse 15: Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.
Verse 16: Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu.
Verse 17: Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye.
Verse 18: Wenza amapomegranati; kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko.
Verse 19: Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine.
Verse 20: Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko.
Verse 21: Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
Verse 22: Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.
Verse 23: Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
Verse 24: Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.
Verse 25: Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.
Verse 26: Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati ayizinkulungwane ezimbili.
Verse 27: Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu.
Verse 28: Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko;
Verse 29: kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi; kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.
Verse 30: Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke.
Verse 31: Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.
Verse 32: Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.
Verse 33: Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande awo, nezipokwe zawo, namanamfu awo kwakubunjiwe konke.
Verse 34: Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe.
Verse 35: Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho.
Verse 36: Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi, nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke.
Verse 37: Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye.
Verse 38: Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.
Verse 39: Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.
Verse 40: UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:
Verse 41: izinsika ezimbili, nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,
Verse 42: namapomegranati angamakhulu amane amanetha omabili, izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,
Verse 43: nezinqe eziyishumi, nemicengezi eyishumi ezinqeni,
Verse 44: nolwandle lunye, nezinkabi eziyishumi nambili phansi kolwandle,
Verse 45: namakhanzi, namafosholo, nezitsha; zonke lezo zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaJehova zaziyithusi eliphucuziweyo.
Verse 46: Inkosi yazibumba ethafeni laseJordani emhlabathini webumba phakathi kweSukoti neSaretani.
Verse 47: USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.
Verse 48: USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa,
Verse 49: nezinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo phambi kwegumbi, nezimbali, nezibani, nezindlawu, ngegolide,
Verse 50: nezindebe, nezizenze, nezitsha, nezinkezo, nemicengezi yomlilo, ngegolide elicwengekileyo, nezingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, indawo engcwelengcwele, nezivalo zendlu yethempeli.
Verse 51: Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ayezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.