Verse 1: USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
Verse 2: Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku.
Verse 3: USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Verse 4: Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.
Verse 5: EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: "Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona."
Verse 6: USolomoni wathi: "Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.
Verse 7: Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.
Verse 8: Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.
Verse 9: Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?
Verse 10: Leyo nkulumo yaba nhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecele leyo nto.
Verse 11: Wathi uNkulunkulu kuye: "Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,
Verse 12: bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.
Verse 13: Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.
Verse 14: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho."
Verse 15: USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.
Verse 16: Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo.
Verse 17: Omunye owesifazane wathi: "E nkosi, mina nalo wesifazane sihlala ndlininye; ngabeletha nginaye endlini.
Verse 18: Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lo wesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.
Verse 19: Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.
Verse 20: Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.
Verse 21: Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.
Verse 22: Wayesethi omunye owesifazane: "Qha, ophilayo ungumfana wami, ofileyo ngumfana wakho." Kepha yena wathi: "Qhabo, ofileyo ungumfana wakho, ophilayo ngumfana wami." Bakhuluma kanjalo phambi kwenkosi.
Verse 23: Yayisithi inkosi: "Omunye uthi: 'Ngowami lo mfana ophilayo, ngumfana wakho ofileyo;' omunye uthi: 'Qha, ngumfana wakho ofileyo, ngumfana wami ophilayo.' "
Verse 24: Yathi inkosi: "Ngiletheleni inkemba." Baletha inkemba enkosini.
Verse 25: Yathi-ke inkosi: "Mdabuleni kabili umntwana ophilayo, ninike omunye inxenye nomunye inxenye."
Verse 26: Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo, ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomntanakhe, wathi: "E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye," kepha omunye wathi: "Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni."
Verse 27: Yayisithatha inkosi, yathi: "Mnikeni lowo umntwana ophilayo, ningamdabuli nakanye; nguye ongunina."
Verse 28: U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.