Verse 1: Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.
Verse 2: Indlu inkosi uSolomoni eyayakhela uJehova, ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo babungezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu.
Verse 3: Umpheme ngaphambili kwendlu yethempeli wawuyizingalo ezingamashumi amabili ubude bawo maqondana nobubanzi bendlu; ububanzi bawo babuyizingalo eziyishumi ngaphambi kwendlu.
Verse 4: Wenzela indlu amafasitele anamahele angenakususwa.
Verse 5: Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;
Verse 6: uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo, noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo, nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.
Verse 7: Indlu isakhiwa yakhiwa ngamatshe alungiswa enkwalini; akuzwakalanga sando nazembe naphiki nanto yensimbi, isakhiwa.
Verse 8: Umnyango wekamelo lohlangothi eliphakathi wawuseceleni lokunene lendlu; kwakhushukwa ngezikhwelo ezishwilayo ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu.
Verse 9: Wakha-ke kanjalo indlu, wayiqeda, wayifulela indlu ngemishayo nangamapulangwe emisedari.
Verse 10: Wakha izimpondo zangasendlini yonke, yilolo nalolo lwaba yizingalo eziyisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.
Verse 11: Izwi likaJehova lafika kuSolomoni, lathi:
Verse 12: Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
Verse 13: ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.
Verse 14: Wakha-ke uSolomoni indlu, wayiqeda.
Verse 15: Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari; kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.
Verse 16: Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.
Verse 17: Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane.
Verse 18: Kwakungumsedari ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
Verse 19: Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
Verse 20: Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.
Verse 21: USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide.
Verse 22: Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.
Verse 23: Egumbini wenza amakherubi amabili ngomnqumo, yilelo nalelo liyizingalo eziyishumi ukuphakama kwalo.
Verse 24: Elinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu, nelinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye kwakuyizingalo eziyishumi.
Verse 25: Elinye ikherubi laliyizingalo eziyishumi nalo; amakherubi omabili ayeyisilinganiso sinye nesimo sinye.
Verse 26: Ukuphakama kwelinye ikherubi kwakuyizingalo eziyishumi, nelinye ikherubi lalinjalo.
Verse 27: Wawabeka amakherubi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu.
Verse 28: Wawanameka amakherubi ngegolide.
Verse 29: Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.
Verse 30: Naphansi endlini wanameka ngegolide, ngaphakathi nangaphandle.
Verse 31: Wenzela umnyango wegumbi izivalo zomnqumo; ikhothamo nezinsika zomnyango kwakuyizinhlangothi eziyisihlanu.
Verse 32: Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo, wazifekethisa ngamakherubi abaziweyo, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide, wembesa amakherubi namasundu igolide.
Verse 33: Wenzela futhi umnyango wethempeli izinsika zomnyango ngomnqumo, ziyizinhlangothi ezine,
Verse 34: nezivalo ezimbili ngomsayipuresi; izinxenye zombili zaleso naleso sivalo zasongwa.
Verse 35: Wazifekethisa ngamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide kukho okubaziweyo.
Verse 36: Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.
Verse 37: Ngomnyaka wesine isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe ngenyanga kaZivi.
Verse 38: Ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga kaBuli eyinyanga yesishiyagalombili indlu yaqedwa kukho konke okwayo ngayo yonke imithetho yayo. Wayelokhu akha iminyaka eyisikhombisa.