Verse 1: Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula.
Verse 2: UJerobowamu wathi kumkakhe: “Ake usuke uzifihle, ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu.
Verse 3: Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi, nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana.”
Verse 4: UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe.
Verse 5: UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.”
Verse 6: Kwathi lapho u-Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: “Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni.
Verse 7: Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi: ‘UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu, ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,
Verse 8: ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kepha awubanga njengenceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela,
Verse 9: kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,
Verse 10: bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele.
Verse 11: Yena wakwaJerobowamu ofela emzini uyakudliwa yizinja, nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile.’
Verse 12: “Ngalokho suka uye endlini yakho; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana.
Verse 13: Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.
Verse 14: “Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje.
Verse 15: Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, lokhu benzile o-Ashera babo, bathukuthelisa uJehova.
Verse 16: Uyakulahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu one ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli.”
Verse 17: UmkaJerobowamu wayesesuka wahamba, wafika eTirisa; esefike embundwini wendlu, umntwana wafa.
Verse 18: Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi.
Verse 19: Ezinye izindaba zikaJerobowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
Verse 20: Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; wayeselala koyise; uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 21: URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.
Verse 22: UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.
Verse 23: Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.
Verse 24: Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 25: Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema.
Verse 26: Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.
Verse 27: Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.
Verse 28: Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, izigijimi zazithwala, zazibuyisela ekamelweni labalindi.
Verse 29: Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Verse 30: Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
Verse 31: URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.