Exodus - Chapter 1

Verse 1: Lawa angamagama amadodana ka-Israyeli afika eGibithe noJakobe; yileyo naleyo yafika nomuzi wayo:

Verse 2: ngoRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda,

Verse 3: no-Isakare, noZebuloni, noBenjamini,

Verse 4: noDani, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

Verse 5: Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.

Verse 6: UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.

Verse 7: Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.

Verse 8: Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa.

Verse 9: Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi;

Verse 10: masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”

Verse 11: Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamsesi.

Verse 12: Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli.

Verse 13: AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwa-Israyeli ngamandla.

Verse 14: Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.

Verse 15: Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberukazi, igama lomunye wabo linguShifira, elomunye linguPhuwa,

Verse 16: yathi: “Nxa nibelethisa amaHeberukazi, niwabona esesihlalweni sokubeletha, uma kuyindodana, anoyibulala, kepha uma kuyindodakazi, izakuphila.”

Verse 17: Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana.

Verse 18: Inkosi yaseGibithe yayisibiza ababelethisi, yathi kubo: “Nenzeleni lokhu, nasindisa abafana, na?”

Verse 19: Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.”

Verse 20: UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu.

Verse 21: Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.

Verse 22: UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories