Verse 1: UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.
Verse 2: Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.
Verse 3: Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.”
Verse 4: Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.
Verse 5: UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.
Verse 6: UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,
Verse 7: ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”
Verse 8: UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.
Verse 9: Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”
Verse 10: Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.
Verse 11: Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.
Verse 12: Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.
Verse 13: Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera babo,
Verse 14: ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,
Verse 15: funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,
Verse 16: uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.
Verse 17: “Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.
Verse 18: “Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.
Verse 19: “Konke okuvula isizalo kungokwami, nawo onke amaduna ezinkomo zakho, amazibulo ezinkomo nawezimvu.
Verse 20: Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.
Verse 21: “Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.
Verse 22: “Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.
Verse 23: Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.
Verse 24: Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.
Verse 25: “Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.
Verse 26: “Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”
Verse 27: UJehova wathi kuMose: “Zilobele lawa mazwi, ngokuba ngokwalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwa-Israyeli.”
Verse 28: Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.
Verse 29: Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.
Verse 30: Bathi u-Aroni nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bembona uMose, bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye.
Verse 31: UMose wayesebabiza; u-Aroni nazo zonke izinduna zenhlangano babuyela-ke kuye; uMose wayesekhuluma kubo.
Verse 32: Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi.
Verse 33: UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe.
Verse 34: Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye, walikhumula iveli waze waphuma; waphuma, wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli lokho akuyalelweyo.
Verse 35: Abantwana bakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.