Verse 1: “Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo.
Verse 2: Ubude balo bube yingalo, nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe kunye nalo.
Verse 3: Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke.
Verse 4: Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe yizindawo zezinti zokulithwala.
Verse 5: Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.
Verse 6: Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.
Verse 7: “U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.
Verse 8: Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.
Verse 9: Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.
Verse 10: U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”
Verse 11: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 12: “Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.
Verse 13: Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.
Verse 14: Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.
Verse 15: Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
Verse 16: Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”
Verse 17: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 18: “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.
Verse 19: U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
Verse 20: Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova;
Verse 21: mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”
Verse 22: UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:
Verse 23: “Zithabathele amakha amahle, imure eliphumayo lamashekeli angamakhulu ayisihlanu, nokinamona othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,
Verse 24: nekasiya lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, nehini lamafutha eminqumo.
Verse 25: Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.
Verse 26: Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
Verse 27: netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho,
Verse 28: ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo.
Verse 29: Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.
Verse 30: “Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
Verse 31: Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
Verse 32: Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini.
Verse 33: Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
Verse 34: UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi neshehelethe nehelibena, amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,
Verse 35: wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;
Verse 36: ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.
Verse 37: Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo; yoba ngcwele kuwe, yenzelwe uJehova.
Verse 38: Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.”