Exodus - Chapter 21

Verse 1: “Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.

Verse 2: “Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle.

Verse 3: Uma singena sisodwa, siyakuphuma sisodwa; uma siganiwe, umkaso uyakuphuma naso.

Verse 4: Uma inkosi yaso isinika umfazi, yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe, sona siphume sodwa.

Verse 5: “Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: ‘Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,’

Verse 6: khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.

Verse 7: “Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.

Verse 8: Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.

Verse 9: Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi.

Verse 10: Uma iyithathela esinye, ayiyikunciphisa ukudla kwaso, nezingubo zaso, namalungelo omshado.

Verse 11: Uma ingasenzeli lokho okuthathu, siyakuphuma ngesihle ngaphandle kwemali.

Verse 12: “Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.

Verse 13: Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.

Verse 14: Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.

Verse 15: “Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.

Verse 16: “Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.

Verse 17: “Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.

Verse 18: “Nxa abantu belwa, omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni,

Verse 19: khona-ke, uma elulama, ahambahambe phandle ngenduku yakhe, owamshayayo uyakuyekelwa, amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa.

Verse 20: “Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.

Verse 21: Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili, akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe.

Verse 22: “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.

Verse 23: Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila:

Verse 24: iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,

Verse 25: ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.

Verse 26: “Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe, alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.

Verse 27: Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.

Verse 28: “Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.

Verse 29: Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.

Verse 30: Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.

Verse 31: Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo.

Verse 32: Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi, uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.

Verse 33: “Uma umuntu evula umgodi, noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo,

Verse 34: umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe.

Verse 35: “Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife, bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.

Verse 36: Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, umniniyo engayigcinanga kodwa, uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories