Exodus - Chapter 35

Verse 1: UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.

Verse 2: Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.

Verse 3: Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”

Verse 4: UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi:

Verse 5: Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi,

Verse 6: nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,

Verse 7: nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, nomuthi womtholo,

Verse 8: namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

Verse 9: namatshe amashohamu, namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.

Verse 10: “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo:

Verse 11: itabernakele, netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;

Verse 12: umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli;

Verse 13: itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;

Verse 14: nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa;

Verse 15: ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;

Verse 16: i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,

Verse 17: nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke,

Verse 18: nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo,

Verse 19: nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.”

Verse 20: Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose.

Verse 21: Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.

Verse 22: Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.

Verse 23: Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, bakuletha.

Verse 24: Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha.

Verse 25: Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.

Verse 26: Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.

Verse 27: Izinduna zaletha amatshe amashohamu namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,

Verse 28: namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.

Verse 29: Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.

Verse 30: UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;

Verse 31: umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke

Verse 32: ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,

Verse 33: nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.

Verse 34: Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.

Verse 35: Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories