Verse 1: Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.
Verse 2: Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
Verse 3: Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni.
Verse 4: Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
Verse 5: Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo
Verse 6: abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;
Verse 7: ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.
Verse 8: Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.
Verse 9: Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina.
Verse 10: Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.
Verse 11: Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
Verse 12: UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.
Verse 13: Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki nosiba;
Verse 14: kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo. [15] Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.