Verse 1: Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.
Verse 2: U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo;
Verse 3: uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu;
Verse 4: u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni;
Verse 5: uSalimoni wazala uBowasi kuRakhabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi;
Verse 6: uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;
Verse 7: uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa;
Verse 8: u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya;
Verse 9: u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya;
Verse 10: uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;
Verse 11: uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.
Verse 12: Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli;
Verse 13: uZorobabeli wazala u-Abiyudi, u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori;
Verse 14: u-Azori wazala uSadoki, uSadoki wazala u-Akimi, u-Akimi wazala u-Eliyudi;
Verse 15: u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe;
Verse 16: uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu.
Verse 17: Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.
Verse 18: Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Verse 19: Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.
Verse 20: Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.
Verse 21: Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
Verse 22: Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi:
Verse 23: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
Verse 24: UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;
Verse 25: akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu.