Verse 1: Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.
Verse 2: Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.
Verse 3: Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”
Verse 4: Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
Verse 5: Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,
Verse 6: wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
Verse 7: UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
Verse 8: USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
Verse 9: wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
Verse 10: Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
Verse 11: USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
Verse 12: Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
Verse 13: Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
Verse 14: ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
Verse 15: “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe,
Verse 16: isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”
Verse 17: Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
Verse 18: UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.
Verse 19: Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
Verse 20: Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
Verse 21: Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza.
Verse 22: Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
Verse 23: UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
Verse 24: Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.
Verse 25: Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.