Matthew - Chapter 23

Verse 1: Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe,

Verse 2: wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.

Verse 3: Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;

Verse 4: babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.

Verse 5: “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.

Verse 6: Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,

Verse 7: nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.

Verse 8: “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.

Verse 9: Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.

Verse 10: Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.

Verse 11: Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.

Verse 12: Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.

Verse 13: “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.

Verse 14: Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

Verse 15: “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

Verse 16: “Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’

Verse 17: Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?

Verse 18: Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’

Verse 19: Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na?

Verse 20: Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo.

Verse 21: Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.

Verse 22: Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso. 23:22 Math. 5:34.

Verse 23: “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

Verse 24: Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.

Verse 25: “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

Verse 26: Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.

Verse 27: “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

Verse 28: Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

Verse 29: “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!

Verse 30: Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’

Verse 31: Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.

Verse 32: Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo.

Verse 33: “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?

Verse 34: Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi

Verse 35: ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.

Verse 36: Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane.

Verse 37: “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.

Verse 38: Bhekani, indlu yenu isisala nani.

Verse 39: Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories