Matthew - Chapter 18

Verse 1: Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”

Verse 2: Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo,

Verse 3: wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.

Verse 4: Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.

Verse 5: Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.

Verse 6: Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.

Verse 7: “Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso!

Verse 8: Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

Verse 9: Noma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili.

Verse 10: Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

Verse 11: Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.

Verse 12: “Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?

Verse 13: Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.

Verse 14: Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.

Verse 15: “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

Verse 16: Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.

Verse 17: Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.

Verse 18: “Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini.

Verse 19: “Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.

Verse 20: Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”

Verse 21: Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”

Verse 22: UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.

Verse 23: “Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.

Verse 24: Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi.

Verse 25: Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.

Verse 26: Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’

Verse 27: Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.

Verse 28: “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’

Verse 29: “Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’

Verse 30: Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala.

Verse 31: “Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo.

Verse 32: Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga;

Verse 33: nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’

Verse 34: Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo.

Verse 35: “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories