Matthew - Chapter 7

Verse 1: “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa.

Verse 2: Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

Verse 3: “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?

Verse 4: Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho.

Verse 5: Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.

Verse 6: “Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.

Verse 7: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

Verse 8: Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.

Verse 9: “Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,

Verse 10: noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?

Verse 11: Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.

Verse 12: Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Verse 13: “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.

Verse 14: Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Verse 15: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

Verse 16: Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?

Verse 17: Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.

Verse 18: Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.

Verse 19: Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.

Verse 20: Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.

Verse 21: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.

Verse 22: Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’

Verse 23: Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’

Verse 24: “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

Verse 25: Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.

Verse 26: Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.

Verse 27: Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”

Verse 28: Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe;

Verse 29: ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories