Matthew - Chapter 12

Verse 1: Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.

Verse 2: Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.”

Verse 3: Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye

Verse 4: ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababe naye kodwa ngabapristi kuphela, na?

Verse 5: Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?

Verse 6: Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’

Verse 7: Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.

Verse 8: Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”

Verse 9: Wamuka lapho, wangena esinagogeni labo.

Verse 10: Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” — ukuze bammangalele.

Verse 11: Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

Verse 12: Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”

Verse 13: Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye.

Verse 14: Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

Verse 15: Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.

Verse 16: Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,

Verse 17: ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

Verse 18: “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

Verse 19: Akayikubanga, akayikubangalasa, akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.

Verse 20: Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe.

Verse 21: Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”

Verse 22: Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.

Verse 23: Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”

Verse 24: Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”

Verse 25: Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

Verse 26: Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?

Verse 27: Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

Verse 28: Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

Verse 29: “Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?

Verse 30: “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

Verse 31: Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.

Verse 32: Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

Verse 33: “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.

Verse 34: Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

Verse 35: Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.

Verse 36: Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

Verse 37: Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”

Verse 38: Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.”

Verse 39: Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.

Verse 40: Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

Verse 41: Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.

Verse 42: Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

Verse 43: “Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani.

Verse 44: Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe.

Verse 45: Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”

Verse 46: Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

Verse 47: Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.”

Verse 48: Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?”

Verse 49: Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu.

Verse 50: Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories