Verse 1: Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye.
Verse 2: Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:
Verse 3: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Verse 4: Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.
Verse 5: Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
Verse 6: Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
Verse 7: Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
Verse 8: Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
Verse 9: Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.
Verse 10: Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Verse 11: “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
Verse 12: Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Verse 13: “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.
Verse 14: “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
Verse 15: Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.
Verse 16: Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Verse 17: “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.
Verse 18: Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
Verse 19: Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
Verse 20: Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
Verse 21: “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’
Verse 22: Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.
Verse 23: “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe,
Verse 24: shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.
Verse 25: “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.
Verse 26: Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina.
Verse 27: “Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’
Verse 28: Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
Verse 29: Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
Verse 30: Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
Verse 31: “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’
Verse 32: Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.
Verse 33: “Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’
Verse 34: Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,
Verse 35: noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.
Verse 36: Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.
Verse 37: Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
Verse 38: “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’
Verse 39: Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
Verse 40: Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
Verse 41: Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili.
Verse 42: Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
Verse 43: “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
Verse 44: Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
Verse 45: ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
Verse 46: Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
Verse 47: Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na?
Verse 48: Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.