Matthew - Chapter 24

Verse 1: Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli.

Verse 2: Waphendula, wathi kubo:Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.

Verse 3: Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?

Verse 4: UJesu waphendula, wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu.

Verse 5: Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu, badukise abaningi.

Verse 6: Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

Verse 7: Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.

Verse 8: Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.

Verse 9: Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.

Verse 10: Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.

Verse 11: Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.

Verse 12: Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.

Verse 13: Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

Verse 14: Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.

Verse 15: Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele ofundayo makaqaphele

Verse 16: khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

Verse 17: ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,

Verse 18: osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

Verse 19: Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

Verse 20: Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.

Verse 21: Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.

Verse 22: Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.

Verse 23: Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya, ningakholwa.

Verse 24: Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.

Verse 25: Bhekani, senginitshelile ngaphambili.

Verse 26: Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane, ningaphumi; noma bethi: Bhekani, usendlini, ningakholwa;

Verse 27: ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

Verse 28: Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

Verse 29: Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.

Verse 30: Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

Verse 31: Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

Verse 32: Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

Verse 33: Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

Verse 34: Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.

Verse 35: Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

Verse 36: Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.

Verse 37: Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

Verse 38: Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,

Verse 39: abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

Verse 40: Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe;

Verse 41: ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.

Verse 42: Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.

Verse 43: Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe.

Verse 44: Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

Verse 45: �Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?

Verse 46: Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo.

Verse 47: Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.

Verse 48: Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele,

Verse 49: iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,

Verse 50: inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,

Verse 51: iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories